Ulimi lwabo balulola lukhaliphe njengolwenyoka, isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela
IsiLilo 3:62 - IsiZulu 2020 Bakhuluma futhi bacabange nto yinye nje: ukuthi bangangilimaza kanjani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE izindebe zabangivukeleyo nemicabango yabo ngami izinsuku zonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Izindebe zabangivukelayo, nogobe lwabo ngami usuku lonke. |
Ulimi lwabo balulola lukhaliphe njengolwenyoka, isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela
Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”
Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”
“Ngakho-ke phrofetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba impela banenza naba yincithakalo, banilimaza nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo,