Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.
IsiLilo 3:49 - IsiZulu 2020 Amehlo ami agobhoza izinyembezi, azinqamuki, azinamkhawulo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iso lami liyamululeka, alinqamuki; akukho ukukhawuka, Contemporary Zulu Bible 2024 Iso lami liyaconsa, alimi ngaphandle kokuphazanyiswa, |
Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.
“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.
“Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.”
Izinhliziyo zabo mazikhale eNkosini; wena ludonga lwendodakazi iZiyoni, izinyembezi mazigelezise okwemifula, mawungaphumuli imini nobusuku, inhlamvu yeso lakho ingakutholi ukuphumula.