Lezi zinto ezimbili zikwehlele; ngubani onozwelo kuwe na? Lapho wehlelwa yincithakalo, nokubhujiswa, indlala nenkemba, ngubani oyakukududuza na?
IsiLilo 3:47 - IsiZulu 2020 Sehlelwe wuvalo, sizungezwe yimigodi; ukubhujiswa nencithakalo kuphezu kwethu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uvalo nomgodi kusehlele, ukubhujiswa nokuchithwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukwesaba nogibe kuyasehlela, ukubhujiswa nokuchithwa. |
Lezi zinto ezimbili zikwehlele; ngubani onozwelo kuwe na? Lapho wehlelwa yincithakalo, nokubhujiswa, indlala nenkemba, ngubani oyakukududuza na?
“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.
Imigwaqo yaseZiyoni iyalila, akusekho muntu osaya emikhosini emisiweyo; onke amasango akhona aseyincithakalo, abaphristi bakhona bayabubula, izintombi zakhona ziyahlupheka; nalo linomunyu.