Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiLilo 3:36 - IsiZulu 2020

lapho icala lomangalelwe lihlanekezelwa, ngabe iNkosi ayikuboni lokho na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nokona umuntu ecaleni lakhe, iNkosi ayikuboni lokhu na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

INkosi kayivumi ukubukela phansi umuntu ebhizinisini lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiLilo 3:36
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.


Simakade, baphohloza isizwe sakho, nefa lakho balinyathela phansi.


Uma uthi: “Bheka, besingakwazi lokhu;” akakuqondi yini lowo ohlola izinhliziyo na? Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na? Futhi akayukuphindisela yini kumuntu ngokwemisebenzi yakhe na?


Iqiniso alikho; osuka ebubini uphenduka impango; uSimakade ukubonile lokho, kwakukubi emehlweni akhe ukuthi ubulungiswa babungekho.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi; yehlulela, ungimelele.


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala.