Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.
IsiLilo 3:24 - IsiZulu 2020 Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye. |
Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.
Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.
U-Israyeli makethembe uSimakade, ngokuba umusa ukuSimakade, nokukhulula konke kukuye.
Ngikhala kuwe Simakade, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”
Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe,
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.
Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.
Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Emicabangweni eminingi yenhliziyo yami, ukududuza kwakho kuyawuthokozisa umphefumulo wami.
Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.
Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.
Mina ngiyakubheka uSimakade, ngilindele uNkulunkulu oyakungisindisa; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
U-Izaya ubuye athi: “Kuyakuvela impande esiqwini sikaJesayi, eyakuvuka ukuba ibuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.”
Abayukuba nafa phakathi kwabafowabo; uSimakade uyifa lakhe, njengalokhu eshilo kuye.
okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.
UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.