IsiLilo 3:16 - IsiZulu 2020 Ungiqumbe othulini, amazinyo ami ephulwa ngumgubane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangembesa umlotha. Contemporary Zulu Bible 2024 Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangifaka umlotha. |
Ukubhodla kwengonyama, nomsindo webhubesi, kuyathula, namazinyo amabhongo amabhubesi ayephuka.
Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.
Nkulunkulu, yephula amazinyo abo emilonyeni yabo. Simakade, phohloza amazinyo emihlathi yamabhongo ezingonyama.
Ukudla okutholakale ngomgunyathi kumnandi, kodwa kamuva umlomo uyakugcwala uhlwayi.
Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.
Izwi lafinyelela ngisho nasenkosini yaseNineve, yase isuka esihlalweni sayo, yakhumula ingubo yayo yobukhosi, yembatha indwangu yesaka, yahlala emlotheni.
“Ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe,
“Ngubani kini nina bobaba, okungathi uma indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi;