IsiLilo 3:11 - IsiZulu 2020 Ungichezukise endleleni yami, wanginikiza ngaba yizicutshana, wangishiya ngimantwenguntwengu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula, wangenza incithakalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Waziphendulela izindlela zami, wangidwengula; Wangenza ihlane. |
“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.
“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.
Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.
Amasimu ayothengwa kulo leli lizwe esenithi ngalo liyincithakalo, alisahlalwa muntu nasilwane, nokuthi linikelwe esandleni samaKhaledi.
Ngakho-ke ingonyama yehlathi izobahlasela, impisi yasehlane ibabhubhise, ingwe icuthele imizi yabo; bonke abaphuma kuyo ibadweshule, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlubuka kwabo kukhulu.
Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”
“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.
Ufane kimi nebhele elicuthileyo, nanjengengonyama icuthe endaweni esithekileyo.
“Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwehluka kuyo yonke imibuso, uwudle wonke umhlaba, uwugxobe, uwufihlize.
“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.
Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.
“Base bezithela ngothuli emakhanda, badazuluka bakhala, balila, bathi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abaceba ngawe bonke abanemikhumbi olwandle ngenxa yengcebo yakho eningi, ngokuba ngehora elilodwa nje ubhujisiwe!