IsAmbulo 9:11 - IsiZulu 2020 Sinenkosi esibusayo, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHebheru kungu-Abhadoni, kodwa ngesiGriki ingu-Apholiyoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni. Baasraak Zulu New Testament Bible Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni. |
lokho kungumlilo oqothula kuze kube sekubhujisweni, uyosiphula yonke inzuzo yami.
Ethuneni kuyolandiswa yini ngomusa wakho, nangokwethembeka kwakho, endaweni yokubhujiswa na?
Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaSimakade; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu na?
Manje sekungukwehlulelwa kwalo mhlaba. Manje-ke umbusi walo mhlaba uzakuxoshwa.
Angisezukukhuluma nani ngenabe, ngokuba umbusi waleli lizwe uyeza, nokho-ke akanamandla kimi,
Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu.
Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.
okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli,
Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.
Siyazazi ukuthi thina singabakaNkulunkulu, nokuthi umhlaba wonke ubuswa ngamandla obubi.
Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.