Ubaba wanethwesa ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngofezela.’ ”
IsAmbulo 9:10 - IsiZulu 2020 Sasinemisila efana nofezela, inezindonsi; nasemisileni yaso kukhona amandla aso okulimaza abantu izinyanga ezinhlanu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu. Baasraak Zulu New Testament Bible Zazinemisila efana neyofezela, zinezindosi emisileni yazo, namandla azo okulimaza abantu izinyanga eziyisihlanu. Contemporary Zulu Bible 2024 Zazinemisila efana neyofezela, zinezindosi emisileni yazo, namandla azo okulimaza abantu izinyanga eziyisihlanu. |
Ubaba wanethwesa ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngofezela.’ ”
Yakhuluma kubo njengokwelulekwa yizinsizwa, yathi: “Ubaba wayenethwese ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngizonishaya ngofezela.”
Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
Ngokuba amandla amahhashi ayesemilonyeni nasemisileni yawo, lokhu imisila yawo yayinjengezinyoka, inamakhanda elimaza ngawo.
Kwaphuma isikhonyane entuthwini, saqonda emhlabeni, sanikwa amandla afana nalawo anikwa ofezela bomhlaba.
Sanikwa ukuba singababulali, kodwa sibahluphe izinyanga ezinhlanu. Ukuhlushwa kwabo kwakufana nobuhlungu bokulunywa ngufezela.