Wakhulelwa futhi, wathola indodana, wayiqamba igama wathi nguLevi, ngokuba wathi: “Impela manje umyeni wami uzonamathela kimi, ngoba sengimzalele amadodana amathathu.”
IsAmbulo 7:7 - IsiZulu 2020 esizwaneni sakwaSimeyoni beyizi-12 000, esizwaneni sakwaLevi beyizi-12 000, esizwaneni sakwa-Isakhare beyizi-12 000, IBHAYIBHELI ELINGCWELE esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili, Baasraak Zulu New Testament Bible esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili, Contemporary Zulu Bible 2024 esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili, |
Wakhulelwa futhi, wathola indodana, wayiqamba igama wathi nguLevi, ngokuba wathi: “Impela manje umyeni wami uzonamathela kimi, ngoba sengimzalele amadodana amathathu.”
ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe umvuzo, ngoba nginikele ngesisebenzi sami endodeni yami.” Wayiqamba igama wathi ngu-Isakhari.
Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni.
Ubophela ithole lembongolo yakhe emvinini, nethole lembongolo emvinini wekhethelo. Uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe ngegazi lezithelo zomvini.
Lawa ngamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: nguGereshomu, uKhohathi, noMerari. Iminyaka kaLevi yokuphila yaba yi-137.
Abozalo lukaSimeyoni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa nowesifazane wakwaMidiyani, kwakunguZimri kaSalu, isikhulu sendlu yabakwaSimeyoni.
Unkatho lwesibili lwadla uSimeyoni. Isizwana sabozalo lukaSimeyoni ngemindeni yaso ifa laso laliphakathi kwefa labozalo lukaJuda.
esizwaneni sakwa-Asheri beyizi-12 000, esizwaneni sakwaNafethali beyizi-12 000, esizwaneni sakwaManase beyizi-12 000,
esizwaneni sakwaZabuloni beyizi-12 000, esizwaneni sakwaJosefa beyizi-12 000, esizwaneni sakwaBhenjamini beyizi-12 000.
UJuda wathi kumfowabo uSimeyoni: “Yenyuka nami siye ezweni engilabelwe ukuze silwe namaKhanani, nami ngizohamba nawe ngiye ezweni owabelwe lona.” USimeyoni wayesehamba naye.