Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 7:4 - IsiZulu 2020

Ngase ngizwa ukuthi inani lababekwa uphawu ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli babeyizi-144 000:

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngasengisizwa isibalo sababekwa uphawu, kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngasengisizwa isibalo sababekwa uphawu, kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 7:4
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”


Kuyakuba ngamatshe ali-12 ngangesibalo samagama amadodana ka-Israyeli. Ayofana nezisicilelo, yilelo nalelo liqoshwe igama lesizwe ngasinye kwezili-12.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nanku umngcele eniyakulehlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.


Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli.


Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho: elinye kuyakuba yisango lakwaRubeni, elinye kube ngelakwaJuda, elinye kube ngelakwaLevi.


Isiphrofetho sezwi likaSimakade elimelene nezwe lakwaHadirakhi. Liyakuhlala nakulo iDamaseku, ngokuba amehlo abantu nawezizwe zonke zakwa-Israyeli abheke kuSimakade,


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.


“Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe lokho obuyale ngakho, kepha isekhona indawo.’


ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami. Niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nibuse izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.”


isithembiso ezithemba ukufinyelela kuso izizwe zakithi ezili-12 ezikhonza ngesineke ubusuku nemini. Kungalelo themba, nkosi, ngimangalelwe ngabaJuda.


U-Izaya wamemeza ngo-Israyeli, wathi: “Nakuba isibalo sabantu bakwa-Israyeli singangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,


Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.


Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo.


Bahlabelela kwangathi yigama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine namalunga, kodwa akubanga bikho noyedwa owaba namandla okufunda lelo culo, kuphela abayizi-144 000 ababehlengwe emhlabeni.


esizwaneni sakwaJuda babeyizi-12 000 ababekwa uphawu,


Ngezwa ukuthi inani lamabutho ayegibele amahhashi lalingaphindwa kabili, liyizi-10 000 eziphindwe kazi-10 000.