IsAmbulo 6:8 - IsiZulu 2020 Ngase ngibona: nanto ihhashi elimpofu nogibele kulo, igama lakhe kwakunguKufa, neHayidesi lamlandela, base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, ngendlala, ngobhubhane, nangezilwane zasendle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo igama lakhe lalinguKufa, neHayidese lamlandela. Banikwa amandla phezu kwengxenye yesine yomhlaba, ukubulala ngenkemba, nendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo igama lakhe lalinguKufa, neHayidese lamlandela. Banikwa amandla phezu kwengxenye yesine yomhlaba, ukubulala ngenkemba, nendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba. |
Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile.
Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”
“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.
“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”
Ngiyakuthuma kubo inkemba, indlala, nobhubhane, baze baphele nya ezweni engalinika bona nokhokho babo.” ’ ”
yebo, usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bhekani, ngiyakuthumela kubo inkemba, indlala, nobhubhane, ngibenze babe njengamakhiwane abolile angenakudliwa, ngenxa yobubi bawo.
Uyakufika, alihlasele iGibhithe, kufe abafayo, kuthunjwe abathunjwayo, inkemba idle emdlayo.
Ngiyakukulahla ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho, uwe ebusweni bomhlaba; awuyukubuthwa, noma ucoshwe; ngiyakukunikela ezilwaneni zomhlaba, nasezinyonini zezulu, ube ngukudla kwazo.
Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.
Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.
Impela, iwayini liyakhohlisa, umuntu ozigqajayo akahlali ekhaya, owandisa umphimbo wakhe ufana nendawo yabafileyo; akaneliswa njengokufa; uziwolela zonke izizwe, aziqoqele bonke abantu.
Nawe Khaphernawume, uthi kambe uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Phinde, uyakwehliselwa eHayidesi, ngokuba, ukuba imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe yayenziwe eSodoma, ngabe lisekhona nanamuhla.
Isizwe siyakuvukela esinye, nombuso uvukele omunye; kuyakuba khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.
Umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Udrago wayemi ngaphambi kowesifazane owayezobeletha, ukuze kuthi uma esebelethile, amshwabadele umntwana wakhe.
Izingelosi ezine ezazilungiselwe ihora, usuku, inyanga, nonyaka, zakhululwa ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.
Ngalezo zinhlupheko ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu, ngomlilo, ngentuthu, nangesibabule okwakukhafulwa yimilomo yawo.