Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 6:6 - IsiZulu 2020

Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 6:6
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Isizwe siyakuvukela esinye, nombuso uvukele omunye; kuyakuba khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.


Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okunjengolwandle lwengilazi, lunjengekhristalu; ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo phambili nasemuva.


Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”


yathi: “Ningawoni umhlaba, noma ulwandle noma izihlahla, size sizibeke uphawu emabunzini izinceku zikaNkulunkulu wethu.”


Satshelwa ukuba singalokothi sone utshani bomhlaba, noma yini eluhlaza, noma nje isihlahla esisodwa, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.