Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.
IsAmbulo 3:19 - IsiZulu 2020 “ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke. Baasraak Zulu New Testament Bible Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke. Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke. |
Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.
“Uyadela lowo muntu uNkulunkulu amsolayo, ngakho-ke ungakwedeleli ukuqondisa kukaSomandla.
Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela
Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.
Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kodwa induku yokumyala ibuqhelisela kude naye.
Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho.
“Abantwana benu ngibashayele ize, abakwemukelanga ukuyalwa. Inkemba yenu idle abaphrofethi benu njengengonyama ebhubhisayo.
ngokuba Mina nginawe,’ kusho uSimakade. ‘Ngiyakukusindisa, ngiziqede nya zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.’
“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezikhalela, ethi: ‘Ungishayile, ngashayeka njengethole elingaqeqeshekile; ngibuyise ukuze ngibuye, ngokuba Wena unguSimakade uNkulunkulu wami.
Uyothi kubo: ‘Lesi yisizwe esingazange sililalele izwi likaSimakade uNkulunkulu waso, esingakwemukelanga ukuqondiswa; iqiniso lishabalele, lisusiwe emlonyeni waso.
Awulilaleli izwi, awukwemukeli ukuyalwa, awethembeli kuSimakade, awusondeli kuNkulunkulu wawo.
Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyakungidla.”
njengabangaziwa kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti siyaphila, njengabashaywayo kanti asibulawa,
Ake nibheke nje ukuthi ukudabukiswa kwenu nguNkulunkulu kwanenza naba nokukhuthala okukhulu kanjani; yebo, nokuziphendulela, ukuthukuthela, ukwesaba, ukulangazela, ukushisekela nokuphindisela. Kukho konke nizibonakalise nimhlophe kule ndaba.
Kepha kuhle ukuba nentshisekelo ngokuhle, kodwa makungabi nxa ngikhona kini kuphela.
Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe.
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.
Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.
Ngakho-ke khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala, kodwa uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngizakulususa uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma nje ungaphenduki.