Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
IsAmbulo 22:11 - IsiZulu 2020 Ongalungile makaqhubeke enze kanjalo okungalungile, ongcolileyo makazingcolise njalo, kodwa olungileyo makenze njalo ukulunga, kuthi nongcwele azingcwelise njalo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ongalungile makenze okungalungile; nongcolileyo makaqhubeke engcolile, nolungileyo makaqhubeke elungile, nongcwele makahlale ngcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 Ongalungile makenze okungalungile; nongcolileyo makaqhubeke engcolile, nolungileyo makaqhubeke elungile, nongcwele makahlale ngcwele. |
Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.
Uma amafu emumethe imvula, ayithululela emhlabeni; nesihlahla uma siwela ngaseningizimu noma ngasenyakatho, sitholakala lapho siwele khona.
Kuyothi lapho ngikhuluma nawe, ngivule umlomo wakho, bese uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade.’ Ozwayo makezwe, onganaki makanganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”
Bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, abaningi bayakucwengisiswa, kepha ababi bayakwenza kabi, akukho noyedwa omubi oyakuba nokuqonda; abahlakaniphileyo bayakuqonda.
Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.”
Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi.
“Zisahambile ukuyokuthenga, wafika umyeni. Lezo ezazilungele, zangena naye edilini lomshado; kwase kuvalwa umnyango.
ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.
Ngakho-ke wabuye wathi kubo: “Ngiyamuka Mina, niyakungifuna, kodwa niyakufela ezonweni zenu. Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona.”
ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala.
nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,
Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.
Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.
Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu.
Akusayukuba khona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo, nezinceku zakhe ziyakumkhonza,