Amasango akho ayohlala evulekile, awayukuvalwa imini nobusuku, ukuze ingcebo yezizwe ilethwe kuwe, namakhosi azo eqhutshwa.
IsAmbulo 21:25 - IsiZulu 2020 Amasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyukuba bikho lapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho; Baasraak Zulu New Testament Bible Amasango awo akayikuvalwa nhlobo emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho. Contemporary Zulu Bible 2024 Amasango awo akayikuvalwa nhlobo emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho. |
Amasango akho ayohlala evulekile, awayukuvalwa imini nobusuku, ukuze ingcebo yezizwe ilethwe kuwe, namakhosi azo eqhutshwa.
Ilanga lakho alisayukushona, nenyanga yakho ayisayukufiphala, ngokuba uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.
Kuyakuba usuku oluyisimanga, olwaziwa nguSimakade, kungabi yimini kungabi wubusuku, kodwa kuthi sekuyisikhathi sokuhlwa kube kusakhanya bha.
Wawunogange olukhulu noluphakeme, unamasango ali-12; emasangweni kukhona izingelosi ezili-12, kuwo kulotshwe amagama ezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli.
Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.
Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.