Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
IsAmbulo 21:23 - IsiZulu 2020 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu. Baasraak Zulu New Testament Bible Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu. Contemporary Zulu Bible 2024 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu. |
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
Ngena edwaleni, ucashe othulini, ngenxa yokwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe.
Abantu bayongena emigedeni esemadwaleni, nasemigodini emhlabathini, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ephakama ukuthuthumelisa umhlaba.
Bayongena emihumeni esemadwaleni nasemifantwini yamawa, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ekhuphuka ukuthuthumelisa umhlaba.
Inyanga iyakukhophozela, ilanga libe namahloni, ngokuba uSimakade Wamabandla uyobusa entabeni iZiyoni naseJerusalema, phambi kwamalunga akhe, inkazimulo yakhe ibe phambi kwamalunga akhe.
Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.
UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni iPharanu.Sela Inkazimulo yakhe isibekela amazulu, udumo lwakhe lugcwele umhlaba.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”
ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.
“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.
ukuze bonke bayihloniphe iNdodana njengalokhu behlonipha uYise. Ongayihloniphi iNdodana, kamhloniphi noYise oyithumileyo.
“Njengalokhu ngangingasaboni ngenxa yenkazimulo yalokho kukhanya, ngaholwa ngengalo yilabo engangihamba nabo, ngaze ngafika eDamaseku.
Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,
Emveni kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, umhlaba wakhanyiswa yinkazimulo yayo.
Wawunenkazimulo kaNkulunkulu; ukucwazimula kwawo kunjengetshe eliyigugu sengathi yitshe ijasphi elicwebezelayo.
Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.
Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.
ngokuba iWundlu elingaphakathi kwesihlalo sobukhosi liyabelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila, noNkulunkulu uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo.”