Wakala ubude bokuphakathi kwaba ngamakhubhithi angama-20 phambi kwethempeli. Wayesethi kimi: “Lena yindawo engcwele kakhulu.”
IsAmbulo 21:16 - IsiZulu 2020 Umuzi wawunezinhlangothi ezine, ubude bawo bulingana nobubanzi bawo. Wawukala umuzi ngenduku; ubude, ububanzi, nokuphakama kwawo kwakulingana, kungamastadiyu ayizi-12 000. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu* ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene. Baasraak Zulu New Testament Bible Umuzi wawunezinhlangothi ezine ezilinganayo, ubude bawo bungangobubanzi bawo; walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili. ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kuyalingana. Contemporary Zulu Bible 2024 Umuzi wawunezinhlangothi ezine ezilinganayo, ubude bawo bungangobubanzi bawo; walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili. Ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kuyalingana. |
Wakala ubude bokuphakathi kwaba ngamakhubhithi angama-20 phambi kwethempeli. Wayesethi kimi: “Lena yindawo engcwele kakhulu.”
Wayilinganisa ezinhlangothini zozine. Yayinogange oluyizungeze gimbici, ubude balo babungamakhubhithi angama-500 kanjalo nobubanzi balo, ukuba kwehlukaniswe phakathi kokungcwele nokungengcwele.
“Kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-18 000 nxazonke. “Igama lomuzi, kusukela ngalolo lusuku, kuyakuthiwa USIMAKADE ULAPHA.”
Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo.
Walukala nogange lwawo, lwalungamakhubhithi ayi-144, ngokulinganisa kwengelosi, okungokwabantu futhi.