Kwakumi izingonyama ezili-12 ngalapha nangalapha kwezikhwelo eziyisithupha. Akukho okunjengalokhu okwake kwenziwa kweminye imibuso.
IsAmbulo 21:12 - IsiZulu 2020 Wawunogange olukhulu noluphakeme, unamasango ali-12; emasangweni kukhona izingelosi ezili-12, kuwo kulotshwe amagama ezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE unogange olukhulu noluphakemeyo, unamasango ayishumi nambili, nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli; Baasraak Zulu New Testament Bible inogange olukhulu noluphakemeyo, inamasango ayishumi nambili, nasemasangweni izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 inogange olukhulu noluphakemeyo, inamasango ayishumi nambili, nasemasangweni izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli. |
Kwakumi izingonyama ezili-12 ngalapha nangalapha kwezikhwelo eziyisithupha. Akukho okunjengalokhu okwake kwenziwa kweminye imibuso.
Ngokuba siseyizigqila, uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kodwa usenzele ububele bakhe phambi kwamakhosi asePheresiya; asinika impilo entsha ukuze sakhe kabusha indlu kaNkulunkulu wethu, sakhe kabusha obekuyincithakalo, wasenzela ugange kwaJuda naseJerusalema.
Ngomkhosi wokubusiswa kogange eJerusalema abaLevi bafunwa ezindaweni zabo zonke, ukuba bayiswe eJerusalema ukuyogubha umkhosi ngentokozo, ngokubonga, ngokuhlabelela, ngamasimbali, ngezigubhu nangamahabhu.
Kuyakuba ngamatshe ali-12 ngangesibalo samagama amadodana ka-Israyeli. Ayofana nezisicilelo, yilelo nalelo liqoshwe igama lesizwe ngasinye kwezili-12.
Imibhoshongo yakho ngiyoyenza ngamarubhi, amasango akho ngekhristalo, nayo yonke imingcele yakho ibe ngamatshe ayigugu.
Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho, kodwa izingange zakho uyozibiza ngokuthi yiNsindiso, namasango akho ngokuthi yiNdumiso.
Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.
Ngithi kini: kanjalo-ke kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.”
“Wayesefa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wayiswa esifubeni sika-Abhrahama. Safa nesicebi, sangcwatshwa.
isithembiso ezithemba ukufinyelela kuso izizwe zakithi ezili-12 ezikhonza ngesineke ubusuku nemini. Kungalelo themba, nkosi, ngimangalelwe ngabaJuda.
Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?
Ngasempumalanga kwakunamasango amathathu, ngasenyakatho kunamasango amathathu, ngaseningizimu kunamasango amathathu, nangasentshonalanga kunamasango amathathu.
Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo.
“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.