Kuyothi insali eseZiyoni nalabo abasele eJerusalema, bonke ababhaliselwe ukuthi basaphila eJerusalema, kuthiwe bangcwele,
IsAmbulo 20:6 - IsiZulu 2020 Ubusisiwe, futhi ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala. Kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kodwa bayakuba ngabaphristi bakaNkulunkulu nabakaKhristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. Baasraak Zulu New Testament Bible Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; phezu kwabanjalo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. Contemporary Zulu Bible 2024 Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; phezu kwabanjalo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. |
Kuyothi insali eseZiyoni nalabo abasele eJerusalema, bonke ababhaliselwe ukuthi basaphila eJerusalema, kuthiwe bangcwele,
Kodwa nina niyakubizwa ngokuthi ningabaphristi bakaSimakade, kuyakuthiwa ngani niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu; niyakudla imfuyo yezizwe, nizibonge ngodumo lwazo.
Esekuzwile lokho omunye wababehlezi naye esidlweni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”
Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.
Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi; izindlalifa zikaNkulunkulu, nezindlalifa kanye noKhristu, uma nje sihlupheka kanye naye, ukuze futhi sikhazimuliswe kanye naye.
Uma sikhuthazela, siyakubusa futhi sikanye naye; uma simphika naye uyakusiphika.
Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.
wasenza saba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu uYise, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade. Amen.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”
“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’
Ukufa neHayidesi kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo.
“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”
Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.
“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.