“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokuqunjwa kwakho phansi, wena owawunqoba izizwe.
IsAmbulo 2:28 - IsiZulu 2020 Njengalokhu nami ngamukele kuBaba; ngiyakumnika futhi indonsa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngizamnika ikhwezi lokusa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngizamnika ikhwezi lokusa. |
“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokuqunjwa kwakho phansi, wena owawunqoba izizwe.
Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
“Mina Jesu, ngiyithumile ingelosi yami ukuba ifakaze kini ngalezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nowolibo lukaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”