Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, lungisani indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”
IsAmbulo 2:14 - IsiZulu 2020 “ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe. |
Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, lungisani indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”
Ngakho usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bayakukhubeka kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe nomngani wakhe.”
“Lapho olungileyo eguquka ekulungeni kwakhe, enze okubi, bese ngibeka isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga ngenxa yesono sakhe, uyakufa, kuthi izenzo zakhe ezilungileyo azenzile zingabe zisakhunjulwa, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
Ngokuba babebasebenzela phambi kwezithombe zabo, baba yisikhubekiso ngobubi babo kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngakho-ke ngiphakamise isandla sami ngamelana nabo, ukuba bakuthwale ukona kwabo,” ’ kusho iNkosi uSimakade.
Bheka, manje sengiphindela kwabakithi, kodwa-ke woza ngikweluleke ukuthi laba bantu bazokwenzani kubantu bakho ezinsukwini ezizayo.”
Bhekani, yibo ababeyenga abantu bakwa-Israyeli belulekwe nguBhileyamu, benza abakwa-Israyeli ukuba bangathembeki kuSimakade ngalokho abakwenza ePheyori, kwase kuhlasela ubhubhane phakathi kwenhlangano kaSimakade.
Babulala amakhosi amahlanu akwaMidiyani u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure, noRebha. UBhileyamu, indodana kaBheyori, naye bambulala ngenkemba.
“Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso!
ukuba niyeke okuhlatshelwe izithombe, okunegazi, nenyama yesilwane esiklinyiweyo, nobufebe; uma nizithiba kulokho niyokuba nenza kahle. Salani kahle.”
Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo, sesibalobele sanquma ukuthi mabakugweme okuhlatshelwe izithombe, igazi, inyama yesilwane esiklinyiweyo nobufebe.”
NoDavide uthi: “Itafula labo malibe yisihibe nogibe, nesikhubekiso nempindiselo kubo;
Ngakho masingabe sisehlulelana, kodwa kunalokho nqumani ukuthi akukho mzalwane oyakuba yisithiyo noma ugibe.
Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma yikuphi okunye okwenza umzalwane wakho akhubeke.
Kungani na? Kungenxa yokuthi babengawulandeli ngokukholwa, kodwa kungemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula,
Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe.
Kepha ngenxa yobufebe, akube yileyo naleyo ndoda ibe nomfazi, kanjalo nowesifazane abe neyakhe indoda.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.
Inkosi uBhalaki, indodana kaZiphori wakwaMowabi, waphuma ukuyolwa no-Israyeli. Wathumela ukuyobiza uBhileyamu indodana kaBheyori ukuba aniqalekise,
netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa. Bayakhubeka ngokuba bengalilaleli izwi okuyikhona abakumiselweyo.
Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile.
Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.
“ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe.
“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”
Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.