IsAmbulo 19:8 - IsiZulu 2020 Wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo, elikhazimulayo nelihlanzekileyo.” Ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo zabangcwele ezilungileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele. Baasraak Zulu New Testament Bible Wavunyelwa ukuthi embathe ilineni elicolekileyo, elihlanzekileyo nelimhlophe, ngokuba ilineni elicolekileyo lingukulunga kwabangcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 Wavunyelwa ukuthi embathe ilineni elicolekileyo, elihlanzekileyo nelimhlophe, ngokuba ilineni elicolekileyo lingukulunga kwabangcwele. |
Uyazenzela izingubo zokuzemboza; izembatho zelineni elicolekileyo nokubukhwebezane.
Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.
Ngakwembesa ngengubo efekethisiweyo, ngakufaka izicathulo zesikhumba, ngakwethwesa ilineni elicolekileyo ekhanda, ngase ngikwemboza ngosilika.
“ ‘Kuyothi lapho bengena emasangweni egceke elingaphakathi, bembathiswe izembatho zelineni, bangembathi sembatho esenziwe ngensonto ngesikhathi bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini.
Waphenduka esinye isimo bezibonela ngawabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Yathi kuye: ‘Mngani, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha akaphendulanga.
Izingubo zakhe zacwebezela zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni wayengeke akwazi ukuzihlanza zibe mhlophe kanjalo.
Kwathi besakhungathekile yilokho, babona nanko amadoda amabili emi eduze kwabo, egqoke izingubo ezicwebezelayo.
Bathi besagqolozele ezulwini ehamba, kwabonakala amadoda amabili emi ngakubo, egqoke izingubo ezimhlophe,
Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.
ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.
Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”
kwase kuphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ziphethe izinhlupheko eziyisikhombisa. Zazembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande egolide.
Amaviyo empi yasezulwini amlandela, egibele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.
Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.