Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 19:12 - IsiZulu 2020

Amehlo akhe anjengamalangabi omlilo, ekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi, enegama elilotshiwe elingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe uqobo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Amehlo akhe enjengelangabi lomlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; wayelebizo elilotshiweyo elalingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Amehlo akhe enjengelangabi lomlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; wayelebizo elilotshiweyo elalingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 19:12
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wayesethi kuyo: “Ngicela ungitshele igama lakho.” Yamphendula wathi: “Ungibuzelani igama lami na?” Yayisimbusisa khona lapho.


Umenzile waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamthwesa umqhele wodumo nobukhosi,


Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani osonge amanzi ngengubo yakhe na? Ngubani omise yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe; ukhona yini olaziyo na?


Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke, inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa, ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.


Uyokuba ngumqhele wodumo esandleni sikaSimakade, nomshuqulu wobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


Umzimba wakhe wawunjengekhrisolithe, nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubenyezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.


USimakade uNkulunkulu wabo uyakubahlenga ngalolo lusuku, njengomhlambi wabantu bakhe, ngokuba bangamatshe omqhele amenyezela phezu kwezwe lakhe.


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


“Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe ithobekile, igibele embongolweni; yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


Konke kunikelwe kimi nguBaba; akekho owaziyo ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumembulela yena.”


Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Ngesikhathi ngisenabo emhlabeni, ngibalondile egameni lakho labo onginike bona. Ngibalondile, akwalahleka namunye kubo, kuphela lowo owayemiselwe ukulahlwa, ukuze kugcwaliseke umbhalo.


ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo.


Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.


Ikhanda lakhe nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya bezimvu, nanjengeqhwa, amehlo akhe enjengamalangabi omlilo.


Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa.


Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo.


Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


Ngase ngibona: kwakukhona ihhashi elimhlophe, nogibele kulo ephethe umnsalo, wanikwa umqhele, waphuma ngokunqoba eya ukuyonqoba.


Kepha ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ulibuzelani igama lami, na? Liyisimangaliso!”