IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe, indawo ehlala amakhanka; incithakalo nento enximfelwayo, kungabi bikho ohlala khona.
IsAmbulo 18:18 - IsiZulu 2020 bekhala lapho bebona intuthu yokusha kwalo, bethi: ‘Yimuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE badazuluka bebona umusi wokusha kwalo, bethi: ‘Ngumuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?’ Baasraak Zulu New Testament Bible Bamemeza bebona umusi wokushiswa kwalo, bethi: “Ngumuphi umuzi ofana nalo muzi omkhulu na? Contemporary Zulu Bible 2024 Bamemeza bebona umusi wokushiswa kwalo, bethi: “Ngumuphi umuzi ofana nalo muzi omkhulu na? |
IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe, indawo ehlala amakhanka; incithakalo nento enximfelwayo, kungabi bikho ohlala khona.
Bakhuleka kudrago, ngokuba wanika isilo amandla, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani futhi ongalwa naso na?”
Intuthu yokuhlushwa kwabo iyenyuka kuze kube phakade naphakade. Abasenakuphumula imini nobusuku labo abakhonza isilo nesithombe saso, nakulabo abemukele uphawu lwegama laso.”
Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.
bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, okubukhwebezane, nokubomvu, uvunule ngegolide, ngamatshe ayigugu nangamapharele!