IsAmbulo 18:14 - IsiZulu 2020 “Izithelo ezazinxanelwa wumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke ukutamasa nobukhazikhazi kushabalele kuwe, akusayukuphinde kutholakale kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe, akusoze kwabuye kufunyanwe. Baasraak Zulu New Testament Bible Nezithelo umphefumulo wakho ozifisayo zimukile kuwe, nakho konke okumnandi nokubukekayo kumuka kuwe, awusayikuzithola nhlobo. Contemporary Zulu Bible 2024 Nezithelo umphefumulo wakho ozifisayo zimukile kuwe, nakho konke okumnandi nokubukekayo kumuka kuwe, awusayikuzithola nhlobo. |
Igama laleyo ndawo kwathiwa yiKibhirothi Hathawa, ngokuba kwangcwatshwa lapho labo ababenenkwankwa.
Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?
Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinofonofo na? Phela abembethe ezinofonofo basezindlini zamakhosi.
“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’
“Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka.
Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa.
Niyafisa, kodwa aninalutho. Niyabulala, ninomhawu, kepha anizuzi lutho; niyalwa, nidala izimpi. Aninalutho ngoba aniceli.
isinamoni, okunephunga elimnandi, impepho, amafutha okuqhola, inhlaka, iwayini, amafutha omnqumo, impuphu ecolisekileyo, ukolo, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila, imizimba nemiphefumulo yabantu.
Abahwebi balezi zinto, abaceba ngokuhwebelana nalo, bayakumela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala, belila,