Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,
IsAmbulo 17:17 - IsiZulu 2020 Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze intando yakhe, zibe munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze intando yakhe, zibe munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. |
Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,
Wayiguqula inhliziyo yabantu baseGibhithe, babazonda abantu bakhe, baziphatha ngobuqili izinceku zakhe.
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.
Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.
Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.
Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.
Ngezwa umuntu owayembethe ilineni, ephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nengxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.
Ngokuba iNdodana yomuntu izakufa njengokumisiweyo, kepha maye, kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”
USathane wangena kuJuda okuthiwa u-Iskariyothe, owayengomunye wabalishumi nambili.
Ngokuba ngithi kini: kufanele ukuba kugcwaliseke lokho okulotshiweyo ngami, ukuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba lokho okulotshiwe ngami, sekuyafezeka.”
“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’
Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele.
Ngakho-ke abonisana odwa athi ngalo: “Asingalidabuli, kodwa asenze unkatho, ukuze kubonakale ukuthi lizakuba ngelikabani.” Ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “Babelana ngezingubo zami, benza unkatho ngesembatho sami.” Amabutho akwenza-ke lokho.
Emva kwalokho, uJesu azi ukuthi konke sekuphelelisiwe, ukuba kugcwaliseke umbhalo, wathi: “Ngomile.”
Kepha kuyakuthi ngezinsuku lapho ingelosi yesikhombisa isizakubetha icilongo layo, kulapho-ke imfihlakalo kaNkulunkulu iyakube isifeziwe, njengalokhu amemezela ezincekwini zakhe, abaphrofethi, ngezindaba ezijabulisayo.”
Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupheko eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba ngazo kwase kupheleliswa ulaka lukaNkulunkulu.
Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe labo abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi futhi kimi: “Lawo ngamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”
Base benikwa, yilowo nalowo ingubo emhlophe, batshelwa ukuthi kusazokuba yisikhashana baphumule, size sipheleliswe isibalo sabayizinceku kanye nabo, nabazalwane babo ababesazobulawa njengabo.