Ngafuna ukwazi kabanzi nangezimpondo ezilishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma ngokuzigqaja, olwalubukeka lulukhulu kunezinye.
IsAmbulo 17:12 - IsiZulu 2020 “Izimpondo ezilishumi owazibonayo zingamakhosi alishumi angakawemukeli umbuso, kodwa asewamukelisiwe amandla obukhosi isikhathi esiyihora elilodwa kanye nesilo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Izimpondo eziyishumi owazibonayo zingamakhosi ayishumi angakamukeli umbuso, kepha amukeliswa amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo. Baasraak Zulu New Testament Bible Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo. Contemporary Zulu Bible 2024 Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo. |
Ngafuna ukwazi kabanzi nangezimpondo ezilishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma ngokuzigqaja, olwalubukeka lulukhulu kunezinye.
Izimpondo ezilishumi-ke, zingamakhosi alishumi ayakuvela kulowo mbuso, enye iyakuvela emva kwawo; iyakwehluka kwawokuqala, iyakuwathobisa amakhosi amathathu.
Zase zithi kimi: “Kufanele ukuba uphrofethe futhi ngabantu abaningi, izizwe, izilimi, namakhosi.”
Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa.
Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo.
Izimpondo ezilishumi ozibonileyo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe zisibhubhise, zisihlubule sibe ze, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.
Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, athi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBhabhiloni, muzi onamandla, ngokuba ukwehlulelwa kwakho kufike ngehora linye nje!’
Ngokuba ngehora linye vo, ingcebo engaka isishabalalisiwe.’ “Bonke abashayeli bemikhumbi, bonke abaya noma kuphi ngomkhumbi, amatilosi, nabo bonke abasebenza olwandle bamela kude,
“Base bezithela ngothuli emakhanda, badazuluka bakhala, balila, bathi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abaceba ngawe bonke abanemikhumbi olwandle ngenxa yengcebo yakho eningi, ngokuba ngehora elilodwa nje ubhujisiwe!