IsAmbulo 16:13 - IsiZulu 2020 Ngabona kuphuma emlonyeni kadrago nasemlonyeni wesilo nasemlonyeni womphrofethi wamanga, omoya abathathu abangcolileyo abafana nezingxangxa; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako*, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana namasele. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana namasele. |
“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.
babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla.
Yamemeza ngezwi elikhulu, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, seliphenduke indawo ehlala amadimoni, nejele layo yonke imimoya engcolileyo, nazo zonke izinyoni ezingcolileyo nezinengekayo, nazo zonke izilwane ezingcolile nezinengekayo.
Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.
USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.