Ubusisiwe umuntu uSimakade angambaleli isiphambeko, okungekho nkohliso emoyeni wakhe.
IsAmbulo 14:5 - IsiZulu 2020 okungafunyanwanga manga emlonyeni wabo; bengenasici. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nasemlonyeni wabo akufunyaniswanga amanga; kabanasici. Baasraak Zulu New Testament Bible Emlonyeni wabo akufunyanwanga nkohliso, ngokuba bengenacala phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Emlonyeni wabo akufunyanwanga nkohliso, ngokuba bengenacala phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. |
Ubusisiwe umuntu uSimakade angambaleli isiphambeko, okungekho nkohliso emoyeni wakhe.
Wonke amazwi avela emlonyeni wami angukulunga; akukho lutho kuwo okuyisigwegwe nokuphambeneyo.
Babeka ithuna layo kanye nababi; ekufeni yayinabenza okubi, noma ingenzanga ndluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.
Lokho-ke kwenza ukuthi omengameli nezikhulu bafune ukuthola utho olubi ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholakalanga siphosiso nankohlakalo kuye.
Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele.
Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ”
Imfundiso yeqiniso yayisemlonyeni wakhe, okungalungile akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wasusa abaningi esonweni.
Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.
UPilatu wayesethi kubaphristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.”
UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”
ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala.
nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,
kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici.
Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso.
Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.