Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha, ngogubhu olunezintambo ezilishumi, ngiyakukuhubela.
IsAmbulo 14:3 - IsiZulu 2020 Bahlabelela kwangathi yigama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine namalunga, kodwa akubanga bikho noyedwa owaba namandla okufunda lelo culo, kuphela abayizi-144 000 ababehlengwe emhlabeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni. Baasraak Zulu New Testament Bible Bahlabelela kungathi ihubo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo, namalunga; kwakungekho owayengasifunda lelo ngoma, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abahlengiwe emhlabeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Bahlabelela kungathi ihubo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo, namalunga; kwakungekho owayengasifunda lelo ngoma, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abahlengiwe emhlabeni. |
Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha, ngogubhu olunezintambo ezilishumi, ngiyakukuhubela.
Haleluya! Hubelani uSimakade ihubo elisha, izibongo zakhe, emhlanganweni wabathembekileyo.
USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe.
Wabeka iculo elisha emlonyeni wami, ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami, abaningi bayokubona lokho, besabe, bese bethembela kuSimakade.
Hubelani uSimakade ihubo elisha, ngokuba wenze izimangaliso, esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumzuzele ukunqoba.
Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
Ngokuba izwi lesiphambano lingubuwula kwababhubhayo, kodwa kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.
Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.
Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo.
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.
“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.
Ngase ngizwa ukuthi inani lababekwa uphawu ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli babeyizi-144 000: