Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
IsAmbulo 14:16 - IsiZulu 2020 Ohlezi phezu kwefu waliphonsa isikela emhlabeni; wawusuvunwa umhlaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ohlezi phezu kwefu wayeseliphonsa isikela emhlabeni; wawusuvunwa umhlaba. Baasraak Zulu New Testament Bible Ohlezi phezu kwefu waliphonsa isikela lakhe emhlabeni; futhi umhlaba wavunwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ohlezi phezu kwefu waliphonsa isikela lakhe emhlabeni; futhi umhlaba wavunwa. |
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Ngabona futhi: nanto ifu elimhlophe, phezu kwalo kuhleli ofana neNdodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe, ephethe isikela elibukhali esandleni sakhe.
Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohleli phezu kwefu: “Sebenzisa isikela lakho, uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile, futhi isivuno somhlaba sesilungile.”
Enye ingelosi yaphuma futhi ethempelini elisezulwini, nayo iphethe isikela elibukhali.
Ingelosi yaliphonsa isikela layo emhlabeni, yawuvuna umvini womhlaba, yawuphonsa esikhamweni sewayini, solaka olukhulu lukaNkulunkulu.