omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.
IsAmbulo 13:12 - IsiZulu 2020 Sasebenzisa lonke igunya lesilo sokuqala; saphoqelela umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo ukuba bakhonze isilo sokuqala, okwapholiswa inxeba laso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amandla onke esilo sokuqala siyawenza phambi kwaso. Siyenza ukuba umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo bakhuleke kuso isilo sokuqala esingozi yaso yelashwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Sasebenzisa onke amandla esilo sokuqala phambi kwaso, senza umhlaba nabakhileyo kuwo ukuba bakhulekele isilo sokuqala, esinxeba laso elibulalayo lelashwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Sasebenzisa onke amandla esilo sokuqala phambi kwaso, senza umhlaba nabakhileyo kuwo ukuba bakhulekele isilo sokuqala, esinxeba laso elibulalayo lelashwa. |
omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.
Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.
Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba.
Intuthu yokuhlushwa kwabo iyenyuka kuze kube phakade naphakade. Abasenakuphumula imini nobusuku labo abakhonza isilo nesithombe saso, nakulabo abemukele uphawu lwegama laso.”
Kwabuye kwalandela futhi enye ingelosi yesithathu yamemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Uma kukhona okhonza isilo nomfanekiso waso, nofumene futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe,
Yahamba eyokuqala, yathululela isitsha sayo emhlabeni, kwavela isilonda esibi nobubi kubantu abanophawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso.
Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; sizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni. Laba abakhileyo emhlabeni, abamagama abo engalotshwanga encwadini yokuphila, kusukela kwasekelwa umhlaba, lapho bebona ukuthi isilo kanti sasikhona, kepha asisekho, sisazobuye sibe khona, bayakumangala.
Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane.