Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.
IsAmbulo 11:17 - IsiZulu 2020 ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Somandla, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa; Baasraak Zulu New Testament Bible besithi: Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu Somandla, okhona, owayekhona, lozayo; ngoba uzithathele amandla akho amakhulu, wabusa. Contemporary Zulu Bible 2024 besithi: Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu Somandla, okhona, owayekhona, lozayo; ngoba uzithathele amandla akho amakhulu, wabusa. |
Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.
USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.
Ngiyakubonga, ngikudumise Wena Nkulunkulu wawobaba, ongiphile ukuhlakanipha namandla, wangazisa esasikucela kuwe, ngokuba usazisile indaba yenkosi.”
Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.
Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.
Ngaleso sikhathi uJesu wathokoza kuMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwembulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube kanjalo.
Balisusa-ke itshe. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga, ngokuba ungizwile.
Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.
Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe,
UJohane, kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: makube kinina umusa nokuthula okuvela kuye okhona, nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,
“Mina ngiyiSiqalo neSiphetho,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona, owayekhona, nozayo, uSomandla.”
Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.
babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla.
Ngezwa ingelosi yamanzi, ithi: “Ulungile Wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba nguwe owakunquma lokho,
Ngase ngizwa i-althare, lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziqinisile, futhi zilungile izehlulelo zakho.”
“Ngakho-ke kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo: ukufa, ukulila, nendlala, futhi liyakushiswa ngomlilo lingqongqe, ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.
Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.
Ngase ngizwa okungathi yizwi lesixuku esikhulu, linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uSomandla, iyabusa.