Kwathi lapho uSimakade esezomthatha u-Eliya amenyusele ezulwini ngesishingishane, u-Eliya no-Elisha basuka eGiligali.
IsAmbulo 11:12 - IsiZulu 2020 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu; izitha zabo zibabuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona. Baasraak Zulu New Testament Bible Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Benyukela ezulwini ngefu; nezitha zabo zababona. Contemporary Zulu Bible 2024 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Benyukela ezulwini ngefu; nezitha zabo zababona. |
Kwathi lapho uSimakade esezomthatha u-Eliya amenyusele ezulwini ngesishingishane, u-Eliya no-Elisha basuka eGiligali.
Kwathi besalokhu behamba bexoxa, bheka, kwaqhamuka inqola yomlilo namahhashi omlilo, abehlukanisa, u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.
Amadodana abaphrofethi ayeseJerikho asondela ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi namuhla uSimakade uzoyithatha inkosi yakho na?” Wathi: “Yebo, ngiyazi; thulani.”
Abantu abangama-50, amadodana abaphrofethi bahamba bema buqamama maqondana nabo, bona bobabili bama ngaseJordani.
Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.
Simakade, ngubani oyakuhlala ethendeni lakho na? Ngubani oyakukwakha entabeni yakho engcwele na?
Ngubani nje oyokhuphukela entabeni kaSimakade na? Ngubani oyokuma endaweni yakhe engcwele na?
Ngibonise isibonakaliso somusa wakho, ukuze abangizondayo bakubone lokho, bajabhe, ngokuba Wena Simakade, uyangisiza, uyangiduduza.
Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”
Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni.
kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”
Kuthe sesisendaweni yabafileyo sisezinhlungwini, saphakamisa amehlo aso, sabona u-Abhrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.
Lapho-ke, thina esisaphila, sisele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafini, sihlangane neNkosi emoyeni. Siyakuhlala nayo njalo iNkosi.
Wabeletha umntwana wesilisa ozokwelusa izizwe zonke ngentonga yensimbi. Umntwana wahlwithwa kuye wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.
“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
Emveni kwalokho, ngase ngibona umnyango uvulekile ezulwini, nezwi engangilizwe kuqala linjengelecilongo lakhuluma nami, lathi: “Yenyukela lapha, ngizakukutshengisa okumele ukuba kwenzeke emva kwalokhu.”