Ubulungiswa ngizobenza umucu wokukala, ukulunga kube ngumthofu wokuqondisa, isichotho siyophephetha inqaba yamanga, amanzi akhukhule umpheme.
IsAmbulo 11:1 - IsiZulu 2020 Nganikwa umhlanga wokulinganisa ofana nenduku, kwathiwa: “Sukuma ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, i-althare, nalabo abakhulekayo kulo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nganikwa uhlanga lufana nenduku, kwathiwa: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhulekayo kulo. Baasraak Zulu New Testament Bible Nganikwa umhlanga onjengodondolo, ingelosi yema, yathi: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhuleka kulo. Contemporary Zulu Bible 2024 Nganikwa umhlanga onjengodondolo, ingelosi yema, yathi: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhuleka kulo. |
Ubulungiswa ngizobenza umucu wokukala, ukulunga kube ngumthofu wokuqondisa, isichotho siyophephetha inqaba yamanga, amanzi akhukhule umpheme.
Umbuso, ukubusa, nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke. Umbuso wakhe kuyakuba ngumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’
Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”
Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.
Zase zithi kimi: “Kufanele ukuba uphrofethe futhi ngabantu abaningi, izizwe, izilimi, namakhosi.”
Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo.