Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 10:9 - IsiZulu 2020

Ngaya-ke engelosini; ngayitshela ukuba inginike incwadi encane. Yathi kimi: “Yithathe, uyidle; izakubaba esiswini sakho, kodwa emlonyeni wakho izakuba mnandi njengoju.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngaya kuyo ingelosi; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane. Yayisithi kimi: “Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho, kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngase ngiya kuyo ingelosi, ngathi kuyo: “Nginike incwadi encane. Wasesithi kimi: Lithathe, ulidle, uliqede; kuyakubaba isisu sakho, kepha emlonyeni wakho kuyakuba mnandi njengezinyosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngase ngiya kuyo ingelosi, ngathi kuyo: “Nginike incwadi encane. Wasesithi kimi: Lithathe, ulidle, uliqede; kuyakubaba isisu sakho, kepha emlonyeni wakho kuyakuba mnandi njengezinyosi.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 10:9
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.


Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu kubantu bokungalaleli;


Ngayithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla. Yayimnandi njengoju emlonyeni wami, nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.