Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.
IsAmbulo 1:3 - IsiZulu 2020 Ubusisiwe lowo ofundayo nalabo abezwa amazwi alesi siphrofetho, bese bekugcina okulotshwe kuso, ngokuba isikhathi sesiseduze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. Baasraak Zulu New Testament Bible Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. Contemporary Zulu Bible 2024 Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. |
Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.
UJeremiya wathi kuSeraya: “Kuyakuthi nje lapho ufika eBhabhele, uqikelele ukuba uwafunde wonke lawa mazwi,
“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.
Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”
Yenzani lokhu, ngokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni. Ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunangaleso sikhathi esaqala ngaso ukukholwa.
Ubusuku sebuyedlula, imini isisondele. Ngakho-ke masilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome ngezikhali zokukhanya.
Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.
Bathandekayo, nize ningakhohlwa yilokhu okukodwa qwaba, ukuthi usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
Yathi kimi: “Amazwi esiphrofetho sale ncwadi ungawavali ngophawu, ngokuba isikhathi siseduze.
“Qaphelani, ngiyeza ngokushesha, ngiphethe umvuzo wami ukuba nginike yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe.
Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi uJesu!
“ ‘Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabi bikho muntu okwephuca umqhele wakho.