UJohane wafakaza wathi: “Ngibonile uMoya ehla njengejuba evela ezulwini; wahlala phezu kwakhe.
IsAmbulo 1:2 - IsiZulu 2020 owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Khristu, ngakho konke akubona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Kristu, konke akubonayo. Baasraak Zulu New Testament Bible owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo. |
UJohane wafakaza wathi: “Ngibonile uMoya ehla njengejuba evela ezulwini; wahlala phezu kwakhe.
Ngakho-ke isixuku esasinaye ngesikhathi ebiza uLazaru ukuba aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo, safakaza.
Lowo obonileyo ufakazile futhi ubufakazi bakhe buqinisile, futhi lowo uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe.
Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto, futhi nobhale ngalokhu. Siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buyiqiniso.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo, kodwa anibemukeli ubufakazi bethu.
Ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke ngalokho okubonileyo nokuzwileyo.
Sukuma ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakele kuwe ukuze ngikubeke ube yisikhonzi nofakazi walokhu, wokuthi ungibonile nowalokho engizakuzibonakalisa kuwe ngakho.
Nami bazalwane, ekufikeni kwami lapho kini, angifikanga ngobugagu bokukhuluma noma bokuhlakanipha, kodwa ngimemezele kini imfihlakalo kaNkulunkulu.
Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila.
Thina sibonile, futhi siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ukuba ibe nguMsindisi wezwe.
UDemethriyu ufakazelwa yibo bonke abantu, ngisho neqiniso uqobo. Nathi-ke siyafakaza ngaye, uyazi-ke nawe ukuthi ubufakazi bethu buliqiniso.
lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”
Mina Johane, umzalwane wenu nomhlanganyeli kanye nani ezinhluphekweni, nasembusweni nasekubekezeleni kuJesu, ngangisesiqhingini okuthiwa iPhatmose, ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.
Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.
Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane.
Kuthe nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-althare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.