UBhileyamu waphakamisa amehlo akhe wabona ukuthi u-Israyeli ukanise ngokwezizwe zakhe, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.
IsAmbulo 1:10 - IsiZulu 2020 NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emuva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo, Baasraak Zulu New Testament Bible NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo; Contemporary Zulu Bible 2024 NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo; |
UBhileyamu waphakamisa amehlo akhe wabona ukuthi u-Israyeli ukanise ngokwezizwe zakhe, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.
Kwathi kusihlwa, ngalolo lusuku lokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi babekhona ngenxa yokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kini.”
Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakaJesu besendlini noThomase ekhona, uJesu wangena iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.”
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sibuthanele ukuba sihlephule isinkwa, uPawula wayelokhu eshumayele lokho, kwaze kwaba phakathi kwamabili, ngoba wayehlose ukuhamba ngakusasa.
Ngakho-ke ngiyanazisa ukuthi: akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Makaqalekiswe uJesu,” futhi akekho ongathi: “UJesu uyiNkosi,” ebe engaholwa nguMoya oNgcwele.
Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekele, aqongelele azakunikela ngakho njengokuphumelela kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, kungabi yima kuqalwa kuqoqwa umnikelo.
Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.
Yahamba nami ngikuMoya, yaya nami entabeni enkulu nephakeme, yangikhombisa umuzi ongcwele, iJerusalema, wehla ezulwini kuNkulunkulu.