Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 9:5 - IsiZulu 2020

Niyokwenzenjani ngosuku lwedili, nangosuku lomkhosi kaSimakade na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Niyakwenzani ngosuku lomkhosi nangosuku lomkhosi kaJehova na?

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 9:5
4 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


Ngiyakuyiqeda nya yonke imigubho yakhe yentokozo, eyokwethwasa kwenyanga, amasabatha akhe, nawo wonke amadili akhe anqunyiweyo.


Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.