Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?
Hoseya 9:5 - IsiZulu 2020 Niyokwenzenjani ngosuku lwedili, nangosuku lomkhosi kaSimakade na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na? Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakwenzani ngosuku lomkhosi nangosuku lomkhosi kaJehova na? |
Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?
Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”
Ngiyakuyiqeda nya yonke imigubho yakhe yentokozo, eyokwethwasa kwenyanga, amasabatha akhe, nawo wonke amadili akhe anqunyiweyo.
Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.