USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.
Hoseya 7:15 - IsiZulu 2020 Mina ngabaqeqesha, ngaqinisa izandla zabo, kodwa bangakhela uzungu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina-ke ngafundisa, ngaqinisa izingalo zabo, nokho baceba okubi ngami. Contemporary Zulu Bible 2024 Noma ngizibophile ngaziqinisa izingalo zabo, nokho bacabanga okubi ngami. |
USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.
USimakade wanika u-Israyeli umkhululi; base bekhululeka phansi kwesandla sama-Aramu, abantu bakwa-Israyeli bahlala emathendeni abo njengakuqala.
“Uyadela lowo muntu uNkulunkulu amsolayo, ngakho-ke ungakwedeleli ukuqondisa kukaSomandla.
Kuyoze kube nini, nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke, njengodonga olutshekile nothango oludilikayo na?
Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade, ungakwenyanyi ukusola kwakhe.
“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?
Noma ngabe yiluphi uzungu enilwakhela uSimakade uyakuluqeda nya. Ukuhlupheka akuyuphinda kabili.
nguWena owakhuluma ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho, wathi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize na?
Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa.
nakho konke okujulileyo okuziphakamisayo ukuze kumelane nokumazi uNkulunkulu, kepha sithumba yonke imicabango ukuze ilalele uKhristu.
Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi: “Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kweNkosi, ungadangali nxa Yona ikusola;
“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.