Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 7:15 - IsiZulu 2020

Mina ngabaqeqesha, ngaqinisa izandla zabo, kodwa bangakhela uzungu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Mina-ke ngafundisa, ngaqinisa izingalo zabo, nokho baceba okubi ngami.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Noma ngizibophile ngaziqinisa izingalo zabo, nokho bacabanga okubi ngami.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 7:15
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.


USimakade wanika u-Israyeli umkhululi; base bekhululeka phansi kwesandla sama-Aramu, abantu bakwa-Israyeli bahlala emathendeni abo njengakuqala.


“Uyadela lowo muntu uNkulunkulu amsolayo, ngakho-ke ungakwedeleli ukuqondisa kukaSomandla.


Baceba okubi emiqondweni yabo, njalo baphehla udweshu.


Kungani abezizwe benza ugobe, nabantu beceba okuyize na?


Kuyoze kube nini, nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke, njengodonga olutshekile nothango oludilikayo na?


Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo, omfundisa ngomthetho wakho.


Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade, ungakwenyanyi ukusola kwakhe.


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


Uzakubhujiswa, Israyeli, ngokuba umelene nami, umsizi wakho.


Noma ngabe yiluphi uzungu enilwakhela uSimakade uyakuluqeda nya. Ukuhlupheka akuyuphinda kabili.


nguWena owakhuluma ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho, wathi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize na?


Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa.


nakho konke okujulileyo okuziphakamisayo ukuze kumelane nokumazi uNkulunkulu, kepha sithumba yonke imicabango ukuze ilalele uKhristu.


Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi: “Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kweNkosi, ungadangali nxa Yona ikusola;


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.