Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 7:12 - IsiZulu 2020

Kuyakuthi lapho sebehamba, ngiphonse inetha lami phezu kwabo, ngibathele othulini njengezinyoni zezulu, ngibabambe lapho ngizwa umbiko ngokuhlangana kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami, ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho behamba, ngiyozendlala phezu kwabo; ngizabehlisela phansi njengezinyoni zezulu; Ngizobajezisa njengokuzwa kwabo ukuhlangana.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 7:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

yazini-ke ukuthi nguNkulunkulu owenze okubi kimi, wangigubuzela ngenetha lakhe.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.


“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami, ngisiyise eBhabhele, ezweni lamaKhaledi. Kepha kasiyukulibona, siyakufela lapho.


Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwakhe, abanjwe ogibeni lwami, ngimyise eBhabhele, ngimehlulele khona lapho ngokungethembeki kwakhe kimi.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwakho, phakathi kwesixuku sabantu abaningi, bakukhuphule ngenetha lami.


U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngikumemezele lokho okuqinisekileyo phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.