Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe.
Hoseya 7:10 - IsiZulu 2020 Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kepha abaphendukela kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu. |
Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe.
USimakade uyababuka abantwana babantu esezulwini, ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo, ofuna uNkulunkulu.
UNkulunkulu esezulwini ubheka phansi, abone amadodana abantu, ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.
Noma ungasigqula esigqulweni isiwula, usisile ngembokodo etsheni, kepha ubuwula baso abuyukusuka kuso.
ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.
Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.
Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.
Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza phambi kwakhe, u-Israyeli no-Efrayimi bayakukhutshwa yizenzo zabo ezimbi, noJuda uyakhutshwa kanye nabo.
“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.
Bonke bashisa njengeziko, bashwabadela ababusi babo. Wonke amakhosi abo awile, akukho namunye phakathi kwabo ongibizayo.
nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.
“Ningafani nokhokho benu okwathi lapho abaphrofethi bakuqala bememezela kubo, bethi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake niphenduke ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu zobubi,’ kodwa abalalelanga, futhi abazange banginake, kusho uSimakade.