Wathi u-Abhrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.”
Hoseya 6:2 - IsiZulu 2020 Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile phambi kwakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwezinsuku ezimbili uyakusiphilisa; ngosuku lwesithathu uyakusivusa, siphile phambi kwamehlo akhe. |
Wathi u-Abhrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.”
“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.
Iyohlala embusweni, phambi kukaNkulunkulu ingunaphakade. Yiqokele ububele neqiniso, ukuba kuyilonde.
Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.
isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa; isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha;
Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo zivuke. Vukani, nihlokome ngenjabulo nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho ayoba njengokukhanya kwasekuseni, nomhlaba uyokhipha abafileyo.
Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.
Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.
Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami.
kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila.
ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi, uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.