Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo.
Hoseya 5:10 - IsiZulu 2020 Abaholi bakwaJuda bafana nabagudluza imingcele kwa-Israyeli. Ngiyakuthululela kubo ulaka lwami njengamanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Izikhulu zakwaJuda zazinjengabasusa iviyo; ngalokho ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo njengamanzi. |
Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo.
Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.
Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.
Njengalokhu isiliva lincibilikiswa phakathi esithandweni somlilo, kanjalo nani niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, niyakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade ngithululele ulaka lwami phezu kwenu.’ ”
Manje sengiyakuthulula masinyane ulaka lwami phezu kwakho, ngifeze intukuthelo yami kuwe, ngizakukwehlulela ngokwezindlela zakho, ngiphindisele kuwe zonke izinengiso zakho.
Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”
Kodwa ozwayo angenzi, unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ngaphandle kwesisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”
“Awuyukuwugudlula umngcele kamakhelwane wakho owamiswa ngokhokho, ukuba ube yindawo yefa lakho oyakulidla ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.”
“ ‘Makaqalekiswe ogudluza isikhonkwane sikamakhelwane wakhe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’