Hoseya 2:23 - IsiZulu 2020 Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwabangesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bayakuthi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bathi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakuhlwanyela yena emhlabeni; ngiyakuba nomusa kongahawukelwanga; ngiyakuthi kwabangebona abantu bami: Ningabantu bami; futhi bayothi: Wena unguNkulunkulu wami. |
Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;
Izikhulu ziyakuvela eGibhithe, amaKhushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu.
Makube khona inala yokudla ezweni, esiqongweni sezintaba, ukudla kwalo kuyohashazela njengeLebhanoni, abemizi bayokhahlela njengotshani bomhlaba.
Omunye uyakuthi: ‘NgingokaSimakade;’ omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye alobe esandleni sakhe, ngingokaSimakade, azibize ngegama lika-Israyeli.”
Simakade, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badla ifa elingamanga kuphela, okuyize, okungenanzuzo.
“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngiyakuzihlwanyela ngembewu yabantu, nangembewu yezilwane,” kusho uSimakade.
bengiyakubalahla abozalo lukaJakobe nabolukaDavide, inceku yami, ngingathathi ozalweni lwakhe ababusi bozalo luka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe. Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabo futhi ngibahawukele.’ ”
Ngiyakunihlenga kukho konke ukungcola kwenu; ngibize okusanhlamvu, ngikwenze kube yinsada, ngingabe ngisayehlisela kini indlala.
UGomeri wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. USimakade wathi kuHoziya: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ruhama,’ ngokuba angisayukuphinde futhi ngiyizwele indlu yakwa-Israyeli ukuba impela ngibathethelele.
Ngiyakubahlwanyela phakathi kwezizwe, kodwa bayakungikhumbula besemajukujukwini, bona nezingane zabo bayakusinda, bese bebuya.
Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”
Kuyakuthi bonke abasalayo ezizweni zonke mhla zigasela eJerusalema bakhuphuke njalo unyaka nonyaka bayokhuleka eNkosini uSimakade Wamabandla, futhi bagubhe uMkhosi Wamadokodo.
USimakade uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke. Ngalolo lusuku uSimakade uyakuba yedwa vo, negama lakhe libe lilodwa zwi.
“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe.
“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.
Ngabe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Ngabe akasiye yini nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe futhi,
Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.