Kwathi lapho u-Israyeli wonke esezwile ukuthi uJerobhowamu ubuyile, bathumela bambizela enhlanganweni, base bembeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke. Kwakungekho muntu omunye owalandela indlu kaDavide, ngaphandle kwesizwana sakwaJuda kuphela.
Hoseya 13:10 - IsiZulu 2020 Iphi inkosi yakho manje ukuze ikusindise kuyo yonke imizi yakho, na? Baphi abaholi bakho, wena owathi ngabo: “Nginike inkosi nabaholi” na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iphi inkosi yakho manje ukuba ikusindise emizini yakho yonke; nabahluleli bakho, wena owathi: ‘Ngiphe inkosi nezikhulu’? Contemporary Zulu Bible 2024 Mina ngizakuba yinkosi yenu; uphi omunye ongakusindisa emizini yakho yonke na? nabahluleli bakho owasho ngabo ukuthi: ‘Nginike inkosi nezikhulu; |
Kwathi lapho u-Israyeli wonke esezwile ukuthi uJerobhowamu ubuyile, bathumela bambizela enhlanganweni, base bembeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke. Kwakungekho muntu omunye owalandela indlu kaDavide, ngaphandle kwesizwana sakwaJuda kuphela.
Inkosi yase-Asiriya yezwa ngozungu uHosheya ayeselwakhele yona, ngokuba wayethumele izithunywa kuSo, inkosi yaseGibhithe, futhi engayilethanga intela enkosini yase-Asiriya, ayeyithela minyaka yonke, ngakho-ke inkosi yase-Asiriya yambopha, yamvalela ejele.
U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.
Ngokuba isihlangu sethu singesikaSimakade, inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.
Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.
Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.
Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”
Ogcotshiweyo kaSimakade, ongukuphila nomphefumulo wethu, wakhalakathela emigodini yabo, esathi ngaye: “Uyoba ngumthunzi wethu wokukhosela phakathi kwezizwe.”
Impela, manje bayakuthi: “Asinankosi, ngokuba asimesabanga uSimakade; pho inkosi ibizosenzelani na?”
Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe; awuyukumazi omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami, akekho futhi omunye uMsindisi ngaphandle kwami.
Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.
Bonke bashisa njengeziko, bashwabadela ababusi babo. Wonke amakhosi abo awile, akukho namunye phakathi kwabo ongibizayo.
Bazibekele bona amakhosi angaveli kimi; babeka abaholi ngingazi; bazenzela izithombe ngesiliva nangegolide labo, ukuze kunqunywe.
USimakade uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke. Ngalolo lusuku uSimakade uyakuba yedwa vo, negama lakhe libe lilodwa zwi.
UNathaniyeli wamphendula, wathi: “Rabi, Wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”
USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakusho kuwe, ngokuba akuwena abakulahlayo, kodwa balahle Mina, ukuba ngingabe ngisaba yinkosi phezu kwabo.