Wabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa eziyiminconco, zizacile, futhi zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.
Hoseya 12:1 - IsiZulu 2020 U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Efrayimi uyadla umoya, ulandela umoya wasempumalanga; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne-Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Efrayimi udla umoya, uxosha umoya wasempumalanga; imihla ngemihla wandisa amanga nokubhubhisa; benza isivumelwano nama-Asiriya, kwangeniswa amafutha eGibithe. |
Wabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa eziyiminconco, zizacile, futhi zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.
Kwase kufika uPhuli, inkosi yase-Asiriya, ukuzohlasela izwe. UMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva, ukuze amsize ukuqinisa umbuso esandleni sakhe.
UJehoramu wabuye wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda, waholela ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.
“Ohlakaniphileyo uyakuphendula yini ngolwazi olungathi shu, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga na?
Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.
Umoya uyakubelusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngenxa yabo bonke ububi bakho.
Ngiyakunixosha ebukhoneni bami njengalokhu ngenza nakubafowenu, bonke abozalo luka-Efrayimi.’
Pho lapho usutshaliwe, uyakuphumelela yini na? Awuyukubuna nokubuna yini lapho ushaywa ngumoya wasempumalanga, lapho utshalwe khona na?” ’ ”
U-Efrayimi ungizungeze ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso; uJuda uvukelana noNkulunkulu noNgcwele othembekileyo.
Ngeke ngisaqhubeka nolaka lwami oluvuthayo, noma ngibhubhise u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu, ngingongcwele phakathi kwenu, angiyukufika ngolaka.
“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.
“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi, kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa, iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.
“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.
“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.