Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.
Hoseya 11:4 - IsiZulu 2020 Ngabadonsa ngezintabo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngakhothamela kuye, ngamnika ukudla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngezibopho zothando; kubo ngaba njengosusa ijoka emihlathini yabo, ngabanika inyama. |
Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.
UMose wathi: “Yileli izwi uSimakade aniyala ngalo, ethi: ‘Makugcinwe i-omeri eligcwele lalokhu ukuze izizukulwane zenu zibone ukudla enganondla ngakho ehlane, lapho nginikhipha eGibhithe.’ ”
Ngidonse ngikulandele, sigijime. Inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyojabula, sithokoze ngawe; uthando lwakho siyolukhumbula ukwedlula iwayini. Abalungileyo bayakuthanda.
kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.
Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.
NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.
Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;
Wadla izaqheqhe zemihlambi, ubisi lwezimvu, amafutha amawundlu, izinqama zohlobo lwaseBhashani, izimbuzi, namanoni kakolo wekhethelo; waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.